MENU

Asingavumeli abantwana baminze: makwakhiwe ibhuloho lezinyawo

Asingavumeli abantwana baminze: makwakhiwe ibhuloho lezinyawo

Ungawuxhasa lo mkhankaso?


Sicela niseke amazwi okunxusa kamama ka-Angel kanye namalunga e-amandla.mobi ukuthi uMeya woMkhandlu weCity of Joburg, uParks Tau, akhe ibhuloho elizoba isikhumbuzo sika-Angel. Ngokubambisana, singaqikelela ukuthi abekho abanye abantwana abafayo ngokungenasidingo.

Ungawuxhasa lo mkhankaso?


 

Kuminze ingane yentombazane ebeyizama ukuwela umhosha eDiepsloot. Umndeni walentombazane, egama layo lingu Angel, usashaqekile. Isidumbu sayo sitholwe ngemuva kwezinsuku ezine [1]. Akufanele ukuthi isigameko esifana nalesi sisenzeka ngemuva kweminyaka engama-22 yentando yeningi. Ngokubambisana, singakwazi ukufaka incindezi kumkhandlu weCity of Joburg ukuthi wakhe ibhuloho lezinyawo elizosetshenziswa abantwana kanye nomphakathi waseDiepsloot.

Meya Parks Tau kanye nomkhandlu weCity of Joburg,

Sinxusa kini ukuthi nakhe ibhuloho lezinyawo emhosheni lapho u-Angel Sibanda eminze khona phambi kokuthi kuphele isikhathi enisibekelwe ezikhundleni.